Sanibonani zinsizwa, niyangaphi?
Hhayi bo, nathi siya ePolokwane !
Ayi suka. Lo hulumeni ulibele ukushintsha amagama ezindawo ngaphandle kwesizathu. Madoda! Sengicishe ngalahlekelwa yithuba le lifti ngenxa yalokho. Angikuthandi neze.
Leli zwe lidinga imali yokwakha izindlu nokulwa neNgculazi, kodwa kunalokho sixosha izivakashi ezweni lethu. Asazi kwathina ukuthi siyaphi! Ngobani vele laba bantu abashintsha amagama ezwe lethu?
Phaphama ndoda, ukuguqulwa kwamagama akuyona into nje emayelana nokuthola ilifti yokuya ndawana thizeni. Kumayelana nokunikwa igama elihle kwezwe lethu, umlando wethu kanye namafa ethu. Singalithandekisa kanjani izwe lethu emphakathini wamazwe angaphandle uma sisasebenzisa amagama athathwa kwamanye amazwe.
Sidinga ukugqugquzela ihuha ngezwe lethu, ukukhombisa ubuthina bangempela. Sidinga ukwazisa umphakathi wakwamanye amazwe ukuthi singobani ngempela!
Lokhu kuvanyiswa kwamagama omumo wezwe wudaba oluvusa uhlevane kakhulu!
Bheka lapha kule ncwajana, uma usukwenzile lokho, sizobe-ke sesiludingida loludaba. Kusekude lapho siya khona, ngakho-ke sikhona nesikhathi sokuluxoxa.
Ngamagama ezinto ezisemhlabeni okungezemvelo, ezenziwe noma eziguqulwe ngabantu kanti zingaba nabahlali noma zingabi nalutho.
ISAGNC yamiselwa nguMthetho wamaGama eMimo yeZwe waseNingizimu Afrika (unombolo 111 ka-1998) njengohlaka olubhekele ukumiselwa kabusha kwamagama emimo eNingizimu Afrika. Lumiselwe nguNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko.
ISAGNC ihlanganise ochwepheshe ngamagama ezindawo, izilimi ezisemthethweni, umlando wamasiko, isithunywa esisodwa esivela kuleso naleso sifundazwe, abamele zonke izifundazwe kanye nabamele uPhiko Olukhulu Lwezokuhlonzwa Kwezindawo Nokwedwetshwa, iPosi, iBhodi Yezilimi Zonke zaseNingizimu Afrika kanye nezinye izinhlaka ezithintekayo.
Uhlaka oluphethe lweSAGNC lusebenza ngamaKomiti Ezifundazwe Amagama Emimo Yezwe kanti ezingeni likahulumeni wasekhaya lisebenza ngamaKomiti Endawo Nawezifunda.
Kumele engabe uyakwazi ukufinyelela kulezi zinhlaka endaweni yangakini.
Ukukubeka kalula nje, ngamagama emimo yezindawo azo zonke izinto ezweni.
Ngamagama abhaliswe ngomthetho.
Ngokwesibonelo, igama lezwe, amagama ezifundazwe kanye namagama omasipala bezindawo kanjalo nalezi zinto eziphethwe ngabaphathi bezindawo zasemakhaya njengemigwaqo, izakhiwo zomasipala, izikwele, amapaki namathuna.
Bese kuba khona izakhiwo namapulazi okunabanikazi bangasese.
Kanjalo futhi namagama ezindawo zemimo asetshenziselwa ukubhalisela ubunikazi bomhlaba naziwa ngamagama eCadastral.
Nokho-ke wonke amagama angomthetho kufanele ahambisane nemigomo yokuqamba ye-SAGNC.
Abantu bavame ukunikezela igama elilodwa izindawo ezahlukene noma amagama kuyenzeka ezwakale efana noma ukubhalwa kwawo ufane kakhulu nalokho kwenye indawo.
Kanti-ke ezweni elinezilimi eziningi njengeNingizimu Afrika nje, izindawo esikhathini esiningi ziye zibe namagama angaphezu kwelilodwa.
Lezi zimo ziholela ekungaqondini kahle kanye nasekudidekeni. Ukuze kuvikwe lokho, emhlabeni wonke amagama emimo ayavanyiswa ngabaphathi.
Kubalulekile ukuvanyisa amagama ngenjongo yokuqinisekisa umlando wezwe kanye nokuzazi ngobuzwe kanye nangezohwebo nokuhwebelana, ezokuthutha, ezokuxhumana, ukuhlelela izifunda nezemvelo, imisebenzi yomphakathi, isayensi nobuchwepheshe, ukhetho kanye nokubalwa kwabantu, ezokuvakasha, ukulawulwa kwezimo eziphuthumayo kanye nemisebenzi yokuhlonza nokutakula.
I-SAGNC ithatha isinqumo sokugcina mayelana nendlela noma nezindlela zamagama bese uwancoma kuNgqongqoshe.
Uma igama selivunyiwe nguNgqongqoshe, lelo gama liye libe selivanyisiwe.
Liyaye libe selishicilelwa kuMqulu kaHulumeni ukuze libe semthethweni futhi laziswe.
Umkhandlu uhlangana kane ngonyaka. Ngenxa yokuthi ukubambezeleka kujwayeleke ukwenzeka ngenxa yolwazi olungaphelele noma olungeyilo efomini yesicelo, abafaki zicelo kufanele bazi ukuthi ukuvanyiswa kwegama kungenzeka kube nguhlelo oluthatha isikhathi eside.
Kufanele kubhekelelwe ngesikhathi kuhlelwa ukuthi isikhathi sokulinda singathatha okungenani izinyanga ezintathu futhi kufanele kuqikelelwe uma kugcwaliswa ifomu ukuba ligcwaliswa ngendlela ukuvimbela ukubambezeleka kwesikhathi eside.
Noma ngubani angalithola ifomu lesicelo kuwebhusayithi yoMnyango Wezobuciko Namasiko i- www.dac.gov.za., emahhovisini kazwelonke, awezifunda kanye nawendawo asebenza ngamagama emimo yezwe noma ungasifaka isicelo kwa- www.sagns.gov.za.
Ngaphambi kokuba uligcwalise ifomu lesicelo, kufanele ulifunde ngesineke bese uyakugwema lokhu...
Amagama abantu abaphilayo nawo kufanele agwenywe.
Izindawo zomumo wezwe ezethiwe ngabantu kufanele zihambisane nesithunzi salowo muntu. Ngokubonisa nje, ukwetha into nje engagqamile ngomuntu osemqoka ezweni lonke.
Hhayi-ke, sengiyajika lapha mina. IPolokwane isingamakhilomitha ayishumi nanhlanu nje ukuqhubekela phambili. Ndlelanhle, nikuthokozele ukuvakasha kwenu!
Hhiya siyabonga ngokusigibelisa.
Impela siyabonga uhambe kahle.
